Mzimela Clan
The Mzimela clan is a distinguished Zulu clan with a rich heritage rooted in the history of KwaZulu-Natal. Discover their ancestral praises and the historical narrative that shapes their identity.
Praises / Izithakazelo
Mzimela!
Mnguni!
Lwandle olungawelwa
Luwelwa zinkonjane zona ezindizela phezulu
Mahlab' angadli
Ngoba udl' umkhonto
Mwelase!
Ongaweli ngezibuko!
Owela ngempambuse zomfula
Umaginind' umuntu ngomkhonto
UDlubu lwahlutshwa ekhasini
Gumede!
Mbizeni!
Ntaka!
Sheleza!
Mzungwanya,
Dimbani;
Donda kaMlimandlela
Mfuyi wamatshe,
Mnguni !
Mfeka
Abasab' amacokana
Nzungane kaMagxega
KaNtonga yethusi.
Lwazi,
Maconi
AbaZimela ngentonga yethusi
Abafokazana bezimelelela ngomhlanga
History / Umlando
Abantu bakwaMzimela bebakhe enyakatho nomfula iMfolozi, lapho babakhelene nesizwe samaThonga. Ngaleso sikhathi babeholwa nguKhonjwayo kaNtambo kaNjazi. Kuthi ngesikhathi esifanayo kuna bakwaMthethwa bebuswa inkosi uDingiswayo, nangapha kwabo kukhona abakwaNdwandwe bebuswa yinkosi uZwide. UKhonjwayo wakhe eZinkuhlwini bude buduze neNcebeni uma udlula intaba iNkweyana ubheke ngasolwandle eningizimu neMpumalanga yelokishi lakwaMsani eMtubatuba.
UKhonjwayo lona kaNtamo wake wahlaselwa nguDlabela wakwaMthiyane nabaseMagengeni ngoba babakhelene namaThonga. Loku kwenza ukuthi abanye baseMazimeleni bazihlanganise noZwangendaba wakwaMncwango, kuthi ngesikhathi belibhekisa enhla nezwe babebalekela inkosi uShaka owayebusa KwaZulu ngalesosikhathi. USihubele kaGabadele kaNjingili wazinikela embusweni wenkosi uShaka.
UNjili wayesakhe laphaya ngasemfuleni iVuna kwaNongoma. Wase esezala inkosana yakhe uSigodo yena owazala inkosi uZimema owazala inkosi, yena wazala uNtshidi naye owaba inkosi. Kuthiwa basuka eVuna bayozinza eMthunzini ngasoNgoye. Lapho abakwaMzimela betholakala khona namanje. Inkosi uNtshidi waduma kakhulu ngobuqhawe bakhe futhi aziwa nangokuthi uyingwazi nanokulwa kwakhe izimpi eziningi kubalwa neyaseSandlwana.
Kwathi emva kwayo, kanye nalempi yasoCwecweni lapho sekubanjwe khona isilo sasOndini, bahamba naso sasiwa e-Oden Moullen eKapa, kwathiwa bonke abanumzane abebethembekile eSilweni sasOndini baphoqeleka ukuba babe ngaphansi kolawulo lamaNgisi. Naye uNtshidi waba ngaphansi kwalawo makhosi abe eselawulwa ngumthetho owawushaywa yibo abelungu. Amakhosi ayeselilahlile ithemba ngokubuya kweSilo, ecabanga ukuthi sesiyokhothamela ezizweni.
Enye yezinto eyenza abantu bakwaMzimela babe ngabantu abakhulu nabahlonishwayo emlandweni wakwaZulu ukuthi, babebheke uMntwana wesilo sakwaNodwengu lowo okungumntwana uMgidlana njengoba nethuna lakhe lisendaweni yabo amaZimela. Kuthi umuzi womntwana uMgidlana waseNtshiweni ubekhona nawo kwaMzimela, kanjalo noGqwashaza kaMaphuthwana wakwaVundla wayebheke umntwana uMgidlana.
UNdlunkulu uNomvimbi okaMsweli wayezalwa khona kwaMzimela. UMsweli wayengeyona inkosi kwaMzimela kodwa wayengumnumzane owayeyiqhawe evelele futhi. Undlunkulu okaMsweli wabe esezala iSilo sasOsuthu uDinuzulu. UNdunankulu okaMsweli wayegane iSilo sasoNdini uCetshwayo. Okudabukisayo ukuthi uye futhi uMsweli owasala empini yaseNdondakusuka kulwa abaNtwana beSilo sakwaNodwengu uMntwana uCetshwayo noMntwana uMbuyazwe. Kwathi uma uSuthu selunqobile, lase lathumba izinkomo nezintombi lapho.
Kwakunomuzi wesilo sasOndini eDlalangubo okwakuthiwa kusOndini olubomvana nolapho uMntwana waso uDinuzulu wazalwa khona. Elinye igama likaDinuzulu ayaziwa ngalo esakhula kwabe kunguMahelana aliqanjwa iSilo ngoba sithi sibahela ngenhlanhla yaso esasihlala siyiphethe.
ISilo uCetshwayo samsusa uNdlunkulu kuMsweli oNdini sayombeka esigodlweni sakwaGqikazi. Kwathi lapho eya kuleso sigodlo, undlunkulu okaMsweli wayehamba noMholo wakhona kaMzimela iqhawe lesilo sasOndini, uNobiyana laphaya esigodlweni sakwaGqikiza. UMholo wayeNotwayiba kaKhwani kaMlaba wakwaNdwandwe kanye noMpambana kaMadwala waseBathenjini lolu okunguzalo lukaMadwala olulaphaya eMangomhlophe kwaNongoma. Undlunkulu weSilo sasOndini okaMadwala wayezalwa uMpambana. KwaDlangezwa abantu bakwaMzimela bakhelene nabantu bakwaMkhwanazi.
Cultural Significance
Royal Connections
The Mzimela clan holds a distinguished position in Zulu royal history, with direct connections to the Zulu monarchy and significant roles in major historical events.
Geographic Heritage
Traditionally located north of the Mfolozi River, the clan's territory includes significant historical and cultural landmarks in KwaZulu-Natal.
Military Heritage
Known for their warrior tradition, particularly during the time of Chief Ntshidi, who was renowned for his bravery and military prowess.
Modern Legacy
The clan continues to maintain its cultural identity and traditions while adapting to contemporary South African society.
Research Your Own Clan History
Interested in learning more about your own clan's history and praises? We offer comprehensive ancestry research services.
Request Ancestry Research